Ufuna ukufunda amakhono amasha mahhala?

Masifunde ngolimi lwakho, ngesikhathi sakho, efonini yakho.

1. Isingeniso sokushicilela kwi-inthanethi ngokusebenzisa i-WordPress

Kulezi izifundo, uzofunda ukubhala nokushicilela kwi-inthanethi. Uzothola amasu ngokulungiselela ukushicilela ama-athikili (articles), ukuthola imithombo yolwazi yama-athikili akho nokuthi ungabhala kanjani uphinde ushicilele ama-athikili abantu abazolangazelela ukuwafunda. Uzothola nesingeniso sokusebenzisa i-WordPress, okulapho kushicilelwa khona  kwi-inthanethi ethandwa kakhulu futhi esetshenziswa kakhulu. Kuningi ongakuzuza ngokufunda ngokubhala nokuphinde ushicilele kwi-inthanethi.

Isifundo 1:Ukuhlela nokulungisa i-athikili yakho

Kulesi sifundo, uzofunda ukuthi ungahlela kanjani futhi ulungiselele ukubhala i-athikili yakho. Lokhu kufaka phakathi ukunquma ngesihloko ozobhala ngaso, ukuqonda ukuthi yiluphi ulwazi eselubhaliwe ngesihloko osikhethile, nokuthi ungayithola kuphi imithombo yolwazi ukukusiza ukubhala i-athikili yakho.

Isifundo 2: Amanyathelo okupapasha inqaku kwi-intanethi

Kulesi sifundo, uzofunda ngokuthi ungangena kanjani kwiwebhusayithi ukuze ukwazi ukushicilela i-athikili yakho.

2. Ukufunda ngedijithali

Kulezi zifundo uzofunda amakhono ayisisekelo okuzilungiselela ukusebenza, kufaka phakathi ukuthi:

Isifundo 1: Sebenza ngamakhompyutha

Uwasebenzisa kanjani amakhompyutha kanye nama-applications ekhompyutha: Kulesi sifundo, uzofunda ngezingxenye ezahlukahlukene zekhompyutha nemisebenzi yazo. Uzowuqonda umehluko phakathi kwezinhlelo zokusebenza (operating system), ama-applications nemisebenzi yakho.

Isifundo 2: Ukuxhumana nge-inthanethi

Ungaxhumana kanjani nge-inthanethi (i-imeyili, ukuthumela imiyalezo ngekhompyutha): Lesi sifundo sibheka ukuthi ungaxhumana kanjani ngempumelelo ku-inthanethi usebenzisa i-imeyili. Uzokwaziswa izinhlelo zokusebenza zewebhu ezisetshenziselwa ukuthumela imiyalezo ngokushesha, kufaka phakathi izingcingo zezwi nezevidiyo.

Isifundo 3: Imininingwane yokufinyelela ku-inthanethi

Ungasesha kanjani futhi uthole ulwazi: Kulesi sifundo, uzoba nolwazi nge-inthanethi nokuthi ungayithola kanjani. Uzokwaziswa futhi ngeWorld Wide Web nokuthi ungayithola kanjani usebenzisa isiphequluli sewebhu. Ngaphezu kwalokho, uzofunda ngezinjini zokusesha, ukuthi uzisebenzisa kanjani ngempumelelo nokuthi ungayihlola kanjani imiphumela.