Isifundo 2: Xoxa ku-inthanethi

Kulesi sifundo, uzofunda ukuxhumana nabantu usebenzisa imiyalezo esheshayo (instant messaging), izingcingo zezwi (voice calls), nokufona ngevidiyo (video calls).

I-inthanethi yenza sikwazi ukuxhumana nabanye abaseduze nakude. Kukhona izinhlelo zokusebenza nezinsiza ezenza kube lula ukuxhumana nabanye online ngokusebenzisa i-instant messaging (IM), voice calls, kanye ne-video calls. Kulesi sifundo, sizohlola lezi zindlela zokuxhumana ku-inthanethi. 

Ekupheleni kwalesi sifundo uzokwazi uku:

  • Chaza izindlela ezivamile zokuxhumana nabanye ku-inthanethi
  • Sebenzisa i-WhatsApp noma izinsizakalo ezifanayo ukuthumela imiyalezo esheshayo kwabanye
  • Yenza izingcingo zezwi ku-inthanethi
  • Shaya izingcingo zevidiyo ku-inthanethi

Kunezindlela eziningi ezenza lolu hlobo lokuxhumana lube nokwenzeka. Izinkundla zokuxhumana (social media), abahlinzeki be-imeyili, kanye nezinye izinsizakalo zinikeza indlela yokuthumela imiyalezo esheshayo bese uqala izingcingo zezwi nezevidiyo ezisuka kukhompyutha, ithebhulethi noma i-smartphone.

Umlayezo osheshayo (Instant messaging)

Uma ufuna ukuthumela umlayezo omfushane, oqondile komunye umuntu futhi ulindele impendulo esheshayo, ungathumela umlayezo osheshayo. Isibonelo sesevisi yemiyalezo esheshayo i-WhatsApp, okungenzeka ukuthi  uyayisebenzisa ngaphandle kokuqaphela ukuthi ubuthumela imiyalezo usebenzisa i-inthanethi. I-WhatsApp ingasetshenziswa ukuthumela imiyalezo, izithombe, ama- voice notes namavidiyo. Ungenza amaqembu ku-WhatsApp ukuze uthumele umlayezo kubantu abambalwa futhi usebenzise uhlelo lokusebenza ukwenza izingcingo zezwi noma zevidiyo kumuntu oyedwa noma ngaphezulu.

Ucingo nge-inthanethi (Voice over Internet)

Uma ufuna ukufonela umuntu ngaphandle kokusebenzisa inethiwekhi yeselula noma ucingo lwasendlini, ungenza ikholi yezwi ngoku sebenzisa i-inthanethi. Uma uxhume kwi-inthanethi, ukufona  ngeke kubize imali ngaphandle kwedatha yeselula eyisebenzisayo. Ungafonela othile usebenzisa inombolo yakhe yocingo noma olunye ulwazi lokuxhumana, ngokuqondile kusuka kukhompuyutha yakho noma i-smartphone. Ungafona ngevidiyo ekuvumela ukuthi ubone umuntu ngenkathi ukhuluma naye, usebenzisa ikhamera ukumveza. Ungashayela abantu abambalwa ngesikhathi esisodwa, akukhathaliseki ukuthi bakuphi eNingizimu Afrika noma emhlabeni wonke.

Ucingo lwevidiyo (Video calls)

Usebenzisa ikhompuyutha yakho noma ikhamera ye-smartphone, ungafona ngevidiyo noma ujoyine imihlangano yevidiyo eku-inthanethi. I-Skype iyisevisi ethandwayo esetshenziselwa ukufona ngezwi nevidiyo. Ungayifaka mahhala kuwo wonke amadivayisi ahlukene noma uyifinyelele kuwebhu usebenzisa isiphequluli. I-Zoom ngolunye uhlelo lokusebenza lokushaya ucingo lwevidiyo oludumile, olungasetshenziswa futhi ukubamba imihlangano noma amakilasi aku-inthanethi nabantu abaningi. Ezinye izinhlangano zisebenzisa i-Microsoft Teams ukubamba imihlangano yevidiyo.

Awuzibuze

Ingabe unazo izinhlelo zokusebenza zemiyalezo esheshayo ku-smartphone sakho? Yiziphi futhi uzisebenziselani?

Imibuzo

Hlola inqubeko yokusebenza kwakho