Halala! Usiqedile Isifundo 1: Sebenza ngamakhompyutha

Cofa ngaphansi ukuqala ezinye izifundo

2. Ukuxhumana nge-inthanethi

Lesi sifundo sibheka ukuthi ungaxhumana kanjani ngempumelelo ku-inthanethi usebenzisa i-imeyili. Uzokwaziswa izinhlelo zokusebenza zewebhu ezisetshenziselwa ukuthumela imiyalezo ngokushesha, kufaka phakathi izingcingo zezwi nezevidiyo.

Isifundo 1: Ukuxhumana usebenzisa i-imeyili

Ziningi izindlela zokuhlala uxhumene nabanye usebenzisa i-inthanethi. Enye edume kakhulu i-imeyili noma i-electronic mail. Kulesi sifundo, uzofunda kabanzi nge-imeyili, ukuthi ungayisetha kanjani i-akhawunti ye-imeyili, nokuthi ungayisebenzisa kanjani ukuxhumana nabantu.

Ekupheleni kwalesi sifundo uzokwazi uku:

  • Chaza ukusetshenziswa kwe-imeyili.
  • Thola izinketho zokusetha i-akhawunti ye-imeyili.
  • Sebenzisa isevisi ye-imeyili ukuthumela i-imeyili.
  • Sebenzisa isevisi ye-imeyili ukubuka nokuphendula imiyalezo.

Isifundo 2: Xoxa ku-inthanethi

Kulesi sifundo, uzofunda ukuxhumana nabantu usebenzisa imiyalezo esheshayo (instant messaging), izingcingo zezwi (voice calls), nokufona ngevidiyo (video calls).

I-inthanethi yenza sikwazi ukuxhumana nabanye abaseduze nakude.
Kukhona izinhlelo zokusebenza nezinsiza ezenza kube lula ukuxhumana nabanye online ngokusebenzisa i-instant messaging (IM)voice calls, kanye ne-video calls. Kulesi sifundo, sizohlola lezi zindlela zokuxhumana ku-inthanethi. 

Ekupheleni kwalesi sifundo uzokwazi uku:

  • Chaza izindlela ezivamile zokuxhumana nabanye ku-inthanethi
  • Sebenzisa i-WhatsApp noma izinsizakalo ezifanayo ukuthumela imiyalezo esheshayo kwabanye
  • Yenza izingcingo zezwi ku-inthanethi
  • Shaya izingcingo zevidiyo ku-inthanethi

3. Imininingwane yokufinyelela ku-inthanethi

Kulesi sifundo, uzoba nolwazi nge-inthanethi nokuthi ungayithola kanjani. Uzokwaziswa futhi ngeWorld Wide Web nokuthi ungayithola kanjani usebenzisa isiphequluli sewebhu. Ngaphezu kwalokho, uzofunda ngezinjini zokusesha, ukuthi uzisebenzisa kanjani ngempumelelo nokuthi ungayihlola kanjani imiphumela.

Isifundo 1: Ukuxhumana

Kulesi sifundo, uzofunda kabanzi nge-intanethi, ukuthi iyini, nokuthi ungaxhuma kanjani kuyo.
Ekupheleni kwalesi sifundo uzokwazi uku:

  • Chaza i-inthanethi
  • Chaza ukusetshenziswa okujwayelekile kwe-intanethi
  • Chaza izindlela zokuxhuma ku-inthanethi
  • Xhuma idivayisi ye-Windows 10 ku-inthanethi usebenzisa i-Wi-Fi

Isifundo 2: Phequlula iwebhu (Browse the web)

Kulesi sifundo, uzofunda nge-World Wide Web, ukuthi ungayihlola kanjani iwebhu usebenzisa isiphequluli sewebhu (web browser), nokuthi ungakuqedela kanjani ngokuphepha ukuthengiselana okuku-inthanethi.

Enye yezinto ezisetshenziswa kakhulu kwi-intanethi yi-World Wide Web, ebizwa nangokuthi yiwebhu (the web). Abantu abaningi basebenzisa amagama i-inthanethi kanye newebhu ukubhekisa entweni efanayo, kepha bahlukile komunye nomunye.

Ekupheleni kwalesi sufindo uzokwazi uku:

  • Chaza i-World Wide Web nokuthi yehluke kanjani kwi-inthanethi
  • Chaza umsebenzi wesiphequluli sewebhu
  • Finyelela kokuqukethwe kwedijithali kuwebhu usebenzisa isiphequluli
  • Zula phakathi kwamakhasi ewebhu usebenzisa isiphequluli sewebhu (web browser)
  • Qedela ngokuphepha ukuthengiselana okuyisisekelo online

Isifundo 3: Sesha iwebhu

Kulesi sifundo, sizobheka izisekelo zokusesha iwebhu, sisebenzisa izinjini zokusesha zewebhu (search engines) neziphequluli zewebhu (web browsers). Ekupheleni kwalesi sifundo uzokwazi uku:

  • Chaza ukusetshenziswa kwezinjini zokusesha
  • Yenza usesho lwegama elingukhiye olulula usebenzisa injini yokusesha
  • Lungiselela isiphequluli ukusebenzisa injini yokusesha ethile
  • Qhathanisa imiphumela yokubhekiwe kwabuyiswa yinjini yokusesha
  • Chaza izindlela zokuhlola ukwethembeka nokunemba kokuqukethwe okuku-inthanethi
  • Chaza izindlela zokuhlaziya imiyalezo yemidiya ngokuhlolisisa